IDlozi ne Sithunywa sika moya

Uma sikhuluma nge dlozi abantu abaningi banezi ncazelo zabo, kodwa mina ngikholelwa kuthi idlozi akuyona into yobuchwepheshe babantu bakithi abashona sebebuya ngokufuna izinto noma singathi imimoya yabafileyo abanga malunga omndeni, noma imimoya yabantu bakithi asebadlula emhlabeni ngoko mzimba. 

Kodwa Kungamandla angokomoya asetshenziswa njenge sithuthi noma I nqolobane yimimoya yokwelapha nokuphilisa abantu ngokwe ndabuko noma ngokwe mvelo ka Nkulunkulu.

Ikhona eminye immoya yokuphilisa ekwazi ukungena ikhungathe Umuntu, ngingabala isithunywa so mkhuleko, inzuza, umlozi, umndawe kanye nolunye uhlobo lwe immoya, lezi zinhlobo zemiMoya kungazwakala njengento eyinsumansumane uma ulandela ubukhona bazo kepha ukuqinisekisa ukuthi impela kuyinto ekhona futhi engasoze yaduka ukuthi siphose iso elibanzi emaphusheni ethu ngoba isikhathi esiningi ku lapho iqala khona yonke indaba.

Uma usake waphupha ukuthi usesemotweni, ebhasini, esikebheni?  Futhi kwakukhona abanye lapho kanye nawe.  La mandla angaphansi kwamandla aphansi avela ezintweni zamanzi nomhlaba. 

Wake wezwa ngegama elithi “abaphansi”? Le mimoya ivamise ukufika ihamba ngisomo so mzimba wenyoka, futhi uma seyivundulile inhloso yayo kuwe iye ikhuphukele ekhuphukeleu phezulu ukuyovula iso lesithathu oku yilona ozokwazi elizokwazi ukuthi likubonise kahle konke okumbulelwayo.  Lokhu empeleni kungamandla

imimoya ayikugulisi noma ube nama bhadi kodwa  Kungamandla akuwe ayisizathu wonke amashwa akho noma inhlanhla uma ikhona,   Kuyinto ekuwe.  Kungakho abathakathi behlose umzimba wakho, ngezinto ezifana nobuthi be-idliso / muthi (uzogwinya esiswini sakho) ukuvimba inhlanhla yakho. 

UKUSEBENZA KWE DLOZI NE SITHUNYWA NDAWONYE.

Isithunywa kanye nedlozi imiMoya emibili eyehlukene futhi esebenza ngendlela eyehlukile, isithunywa sisebenza nomthandazo namanzi; kuthi idlozi lisebenza ngokubhula ngamathambo kanye nomculo nomdanso wakhona /ukugida.

Ngakho ngokuba lemiMoya yehlukile, uma omunye estholile ukuthi uyembethe yomibili kumele enze umcimbi we lathi athi uhlanganisa idlozi lakhe kanye ne Sithunywa sakhe.

Mkhulu Mbubuzi Hlela

. . Selukhona uhlelo le mentorship lapho sizocathulisana endleleni kaMoya.

Umnikelo we mentorship R500 njalo nge nyanga.

Bookings : mkhulumbubuzi@gmail.com

Izembatho zedlozi. Incazelo

Uma umuntu ogqoka ibhayi elibomvu elinamahawu usuke engenwe amakhehla (unendiki).

Idlozi lakhe kusuke kungoyise mkhulu.Ibhayi elikuhlaza okwesibhakabhaka umuntu usuke engenwe yizakukazi (nendawo).

Uma emuntu egqoka okusabende usuke eyisangoma esikhulekayo noma esithandazayo.

Uma umuntu efaka eliphuzi nokuluhlaza okwesibhakabhaka (ongumthandazi) lona ukuphethe kokubiliIsangoma esinesithunywa sifaka ijazi noma ibhayi lengwe.

Uma efake ingubo eyimpangela nebhayi elibubende,usuke exubile esebenza ngo gogo no Mkhulu.

Uma sijika sibuyela endalweni koKhokho

NB: Ukuze uqonde le Nkulumo kuyomele ube namehlo amathathu.

Uma sijika sibuyela endalweni koKhokho bethu, kukhona izinto esikhathini samanje ezingathathwa njenge mkhuba. Kodwa umntwana uma ezalwa kukhona imikhuba okumele enzelwe yona ekhaya ukuze akwazi ukuphumelela emhlabeni aphimde anqobe zonke izimpi engase zimuhlasele empilweni.

khumbula ukuthi esikhathini esingaphambili uma ufunda izincwadi uzothola ukuthi imiMoya yokuphila kwabantu nemiMoya yokufa/yokuhlupheka lwabantu yake yaba nodlame okumanje kusa qhubeka. Uma umntwana ezalwa kunizinto zokugcina umcebo wekhaya okumele enzelwe zona; mukhandwe izinkanmbba ngezimpande ezithile okumanje zibizwa “amagobongo” lo mkhando isibongo nesibongo, izimpande ezifakwa phakathi okhambeni azisoze zafana.

Inhloso kwaku ukuthi umndeni no mndeni uziphilele wona ngendlela yawo ngenkululenko yawo. Uma ubhekisisa kahle uzobana ukuthi imvamisa yabantu abanezipho zika moya sezikhulela kubo

,NB: Ukuze uqonde le Nkulunkulu kuyomele ube namehlo amathathuindaba, yokuya kamuntu ozokusiza ayisaphakamisawa ngesimo sokuthi leya mpi kaMoya isaqhubeka, abantu abasizayo baya ngenwa ukuze babulale indlela yokuphila kwabantu ebheke phambili.

Kuthe ngokufika kwe vangeli laBelungi; semukwa konke esasinakho ngisho nobuqotho bethu.

Eqinisweni wonke umntwana uma ezalwa ekhaya kukhona Umkhuba okumele agcinelwe wona ukuza umcebo wekhaya uhlale inguma phakade..Uma ungakaze ukhandelwe umkhando ekhaya okulo impilo isazoba nizima futhi ungaze uhambe emhlabeni.

Mkhulu Mbubuzi Hlela

Isithwalo sengcebo, ubungozi bokuthwala

Ukuthwala ngemali kanye nengcebo kuyisiko elidala kakhulu futhi kuyisiko eliyimfihlo ngokuphelele.

Kwesinye isikhathi kungenzeka kungabonali ukuthi umuntu uthwele kodwa kugcine ngezinsolo nje, omunye ayithathe imfihlo ngesithwalo asenzile aze ayongena nayo egodini.

Esikhathini esiphambili endulo obabamkhulu bethu babezithatha izithwalo, bacebe babe nemfuyo eningi kanye namanxuluma emizi.

Abantu abaningi bayakutusa ukuthwala kulezi zinsuku, ngenxa yalokho abanye abaningi baqala ukufuna ukuthwala bengasaqondi ubungozi obuhilelekile ekuthatheni izithwalo.

Yebo ukuthwala kungakwenza ucebe kakhulu, kodwa izinto okufanele uzigcine ukukhokhela lengcebo izinga lakhona lingase libe phezulu kakhulu, futhi ngokuhamba kwesikhathi ungase ubonakale ungakwazi ukuhlonipha isivumelwano owasenza nalowo moya okunikeza leyo ngcebo.

Ngokuthwala bekunezindaba eziningi ezimbi eNingizimu Afrika abantu abalahla/ababulala imindeni yabo yonke ngenxa yokuthwala.

Uma umuntu ese samukele isithwalo ukuba simusebenzele wenza ne nqubo yakhona, ngingakubeka ngembaba ngithi loyo muntu usuke esengene kwelinye ikhasi lempilo; ikhasi ilimnyango wokuphuma ungange mbobo yenaliti yokuthunga impahla.

Okunzima kakhulu kuba ngalesi sikhathi lo obethathe isithwalo esehamba emhlabeni kodwa engakaze awembulele umndeni wakhe ukuthi amandla akhe wonke wawathola kanjani, futhi yikuphi okumele kwenziwe ukuze umndeni ungalimali uma kushaya isikhathi.

Kweminye imizi kugezwa njalo, kungeniswa abantu izidalwa / amathongo kuphindelela ngoba njalo uma beya ohlanyeni bafike bathole ukuthi izidalwa zingaphandle, kanti kanti kuye kuthi noma sezingeni kodwa zibuye ziphume ngoba zixoshwa yilo moya westhwalo esagcina silandiwe sangena ekhaya.

Kungase kwenzeke futhi umndeni ungaboni ukuthi yini lento ehlikiza izinto ekhaya ngoba abanalwazi, futhi nomuntu owalanda lomoya wawufaka ekhaya wafihla ukuthi uthola kanjani ingcebo yakhe.

KoBaba Mkhulu kwaku khethwa indodana ebese ichazelwa busese ngakho konke okwenzakalayo ekhaya, nokuthi yonke ingcebo ekhana ivela kuphi, nokuthi uma kushaya isikhathi bedlula emhlabeni abadala yikuphi okumele isale ikwenze ukuze umndeni uqhubeke uphile.

Mkhulu MMbubuzi Hlela

INHLOKO YOMUZI-IMBIZA

Indoda ayingasekeli 🌿💉
Umuntu weSfazane akangaze
amince ukuze inkonzo ishube

Nansi : NHLOKO YOMUZI-IMBIZA

R150 eSgodlweni ibhodlela ngalinye.
➕ R50 we courier uma uhlala kude

Uma udinga amabhodlela womabili sekuhlangene ne courier R400, excluding courier eSgodlweni R300

Iyasiza kakhulu.

1. Umzimba okhathalayo onesiyezi

2. Isiza kakhulu ukuvuselela imizwa

3. Iqeda izilonda ngaphakathi

4. Ibuyisa igazi kumuntu osegule kakhu

5. Isisu esilumayo

6. I hlanza igazi ivule I ithambo yegazi

INHLOKO YOMUZI-IMBIZA 1

-uyaphuza

INHLOKO YOMUZI-IMBIZA 2

-uyachatha

Ibiza R150 ibhodlela ngalinye

INHLOKO YOMUZI-IMBIZA
INHLOKO YYOMUZI-IMBIZA 1
INHLOKO YOMUZI-IMBIZA 2

To place orders

Call 0815862824

Whatsapp 0767024528

Ukwamukela ubizo lwedlozi

Akuyona inkinga njengoba bekholelwa abaningi.  Iningi labantu linomuzwa wokuthi ukuze umuntu amukele ubizo lwamadlozi kumele ahlukane nezi nkulungwane zamarandi ukuze akhokhele isangoma esengamele lokhu. 

Lokhu akufanele neze kube njalo Ukungazi kuyinkinga, ngoba izinto esizibeke phambili namadlozi zihlukene kakhulu. 

Amadlozi akhathazeka kakhulu ngenhlalakahle engokomzwelo nengokomoya ngokuphambene nezinto ezingokwenyama nezibambekayo.  

Ngakho-ke noma kukhulunywa ngokuvuma Idlozi/ukwamukela ubizo akudingi ukuthi umuntu achithe imali eningi enza nokuthenga izinto amadlozi angazihluphi ngayo. 

Ukuvuma Idlozi kudinga ubuqotho, ubumsulwa kanye nokuqonda okujulile kokuthi wamukela bani futhi ongubani kuwe.  Umuntu kumele abekezele futhi ngoba Idlozi liyakwazi ukuba nenkani futhi libe nomsindo ikakhulukazi uma usunesikhathi eside ungalinaki.  

Manje okubaluleke kakhulu okumele sikuqaphele ngobizo lwamadlozi, umuntu uzalwa enazo lezi ziphiwo/amandla kodwa ukuthi zizoqala nini ukubonakala empilweni yakho kuncike kwiDlozi nokuthi livuthwa ngokushesha kangakanani.   Yonke indalo ivela kuNkulunkulu futhi Idlozi/amadlozi nawo anjalo, yingakho kubalulekile ukuqhuba konke ngaye umdali.  

Uma wamukela ubizo inhliziyo yakho kumele ibe sendaweni efanele nezizathu zakho zokwamukela kumele kube ngezokuzuza amadlozi akho hhayi wena.  

Ukwamukela ubizo kusho ukuthi uyawavuma futhi uwamukele amandla okuphilisa akuwe futhi uzimisele ukuvumela amadlozi akho ukuthi asebenze ngawe.  

Kumele futhi uqonde ukuthi lawa akuwona amandla akho kodwa ngamandla edlozi.  Ukwamukela le ndlela kungase kusho nokuthi kunezinto ozodinga ukuziyeka empilweni yakho ngoba usuthwala amadlozi emhlane nasemahlombe. 

Owamukele ubizo kumele asondele kuNkulunkulu ukuze ezwe futhi alalele yonke imilayezo ezovela.  Umzuzu lapho uqala ukusebenzisa amandla ngendlela eyakhayo futhi usize abanye abantu Idlozi liyakhululwa ngoba usuke ufeza izifiso kanti futhi wenza lokhu ngokwenziwe ngokwenziwa lisaphila emhlabeni. 

Mkhulu Hlela

Imfihlakalo ye mimoya

Ku khona imfihlo enkulu nge mimoya, imfihlo yaphakade kusukela ekuqaleni kwe mpilo lapho umvelinqangi enza khona isethembiso sika moya kumuntu.

Nizaku kwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.” IzEnzo 1:8 ZUL5

Ngokwe nkolo lawa mazwi ayisethembiso, esingabuye siwathathe siwabheke njengo bufakazi bokuthi Umuntu uyakwazi ukumukela umoya ebese ezuza amandla akwazi ukusebenza ngawo, aphinde akwazi ukuqhuba ahlwanyele umoya loyo ezizwe.

Nakuba ikhona inkolo, kodwa ukudalwa komuntu ezobekwa phakathi nehlane eline mithi kanye nezilwane; Imithi eyayibekwe ukuba idlale indima ethize yokwe lapha nokuphilisa indalo ka Nkulunkulu ngezindlela ezahlukene ukwenza impilo iqhubeke, kwa kubiza ukuba kube nemiMoya ezoba ngaba baqaphi nabefundisi bemfihlakalo kaMoya ukulekela abantu ba kwazi ukuphila izizukulwana nge zizukulwana, ngolwimi olwe jwayelekile kuthiwa amabutho ka moya.

Omunye engaba nemibuzo ukuthi “pho kungani le mimoya enga baqaphi bemfihlakalo yokuphila komuntu ku ngekho lapho kushicilelwe khona ngayo?” impendulo ithi nakho lokhu esikuthola ezincwadini zakudala kuyi lokhu abacindezeli ababefuna sikwazi, konke lokhu okwakumele sikwazi kwavalelwa ngaphandle. Kungakho nanamhlanje uma ebonakala osengenwe yile mimoya kuthiwe “ungenwe ngama dimoni” kusho labo aba bambelele kwa bakufica kubhalwe abacindezeli ezincwadini zabo, kucindezelwa Umuntu omnyama ukuba angakholelwa kwenye into ngaphandle kwale efundiswa yibona.

Indlela yokuphila isikhona emhlabeni kwabe sekubiza ukuba imiMoya yemvelo ka mdali ingene kulabo nalabo abakhethiwe ukuba bafunde ngemithi nokuphilisa ngayo bathole kanye namandla ukuxhumana nayo imimoya baphinde bakwazi nabo ukusiza abanye abadingayo ukufundiswa ngendaba ye mimoya.

Uma sikhuluma nge mimoya phecelezi abaqaphi bemfihlakalo yokuphila komuntu ephakathi ko muntu no Mdali, singabala imiMoya yaMakhosi, imiMoya yama Ndawe, imiMoya ya balozi kanye neminye.

Kafushane nje, ikhona imfihlo enkulu phakathi kuka Mdali ne mimoya yamadlozi, uma uphikisana ngalokhu okubhaliwe ngenhla; kufakazela kona ukuthi impela kuyi mfihlo futhi engaphezulu kwakho, Ibiza ukuthi Umuntu abe neso lesithathu ukuze ayiqonde.

Camagu.

Mkhulu Mbubuzi Hlela

IDlozi ne Sithunywa sika moya

Uma sikhuluma nge dlozi abantu abaningi banezi ncazelo zabo, kodwa mina ngikholelwa kuthi idlozi akuyona into yobuchwepheshe babantu bakithi abashona sebebuya ngokufuna izinto noma singathi imimoya yabafileyo abanga malunga omndeni, noma imimoya yabantu bakithi asebadlula emhlabeni ngoko mzimba. 

Kodwa Kungamandla angokomoya asetshenziswa njenge sithuthi noma I nqolobane yimimoya yokwelapha nokuphilisa abantu ngokwe ndabuko noma ngokwe mvelo ka Nkulunkulu.

Ikhona eminye immoya yokuphilisa ekwazi ukungena ikhungathe Umuntu, ngingabala isithunywa so mkhuleko, inzuza, umlozi, umndawe kanye nolunye uhlobo lwe immoya, lezi zinhlobo zemiMoya kungazwakala njengento eyinsumansumane uma ulandela ubukhona bazo kepha ukuqinisekisa ukuthi impela kuyinto ekhona futhi engasoze yaduka ukuthi siphose iso elibanzi emaphusheni ethu ngoba isikhathi esiningi ku lapho iqala khona yonke indaba.

Uma usake waphupha ukuthi usesemotweni, ebhasini, esikebheni?  Futhi kwakukhona abanye lapho kanye nawe.  La mandla angaphansi kwamandla aphansi avela ezintweni zamanzi nomhlaba. 

Wake wezwa ngegama elithi “abaphansi”? Le mimoya ivamise ukufika ihamba ngisomo so mzimba wenyoka, futhi uma seyivundulile inhloso yayo kuwe iye ikhuphukele ekhuphukeleu phezulu ukuyovula iso lesithathu oku yilona ozokwazi elizokwazi ukuthi likubonise kahle konke okumbulelwayo.  Lokhu empeleni kungamandla

imimoya ayikugulisi noma ube nama bhadi kodwa  Kungamandla akuwe ayisizathu wonke amashwa akho noma inhlanhla uma ikhona,   Kuyinto ekuwe.  Kungakho abathakathi behlose umzimba wakho, ngezinto ezifana nobuthi be-idliso / muthi (uzogwinya esiswini sakho) ukuvimba inhlanhla yakho. 

UKUSEBENZA KWE DLOZI NE SITHUNYWA NDAWONYE.

Isithunywa kanye nedlozi imiMoya emibili eyehlukene futhi esebenza ngendlela eyehlukile, isithunywa sisebenza nomthandazo namanzi; kuthi idlozi lisebenza ngokubhula ngamathambo kanye nomculo nomdanso wakhona /ukugida.

Ngakho ngokuba lemiMoya yehlukile, uma omunye estholile ukuthi uyembethe yomibili kumele enze umcimbi we lathi athi uhlanganisa idlozi lakhe kanye ne Sithunywa sakhe.

Mkhulu Mbubuzi Hlela

. . Selukhona uhlelo le mentorship lapho sizocathulisana endleleni kaMoya.

Umnikelo we mentorship R500 njalo nge nyanga.

Bookings : mkhulumbubuzi@gmail.com

Uku khophoza kuka Makoti emzini

Lomkhuba kwaku ngeve ku ukucindezela kodwa kwakuba indlela yokuthi umakoti azivikele ngayo uma kwenzeka kukhona abamchithayo emzini, ngoku sebenzisa umkhando we sichitho. 

Imvamisa yonke imikhando yokuchitha iba namandla uma Umuntu ebhekene ngqo ezinhlamvini zamehlo nomunye ngesikhathi bebhekana okokuqala,  ngakho kwaku yele kuthiwe umakoti akothi uma eza ebhaka indoda yakhe afake ikhanda phansi ukuze azivikeleke indoda ingathi iyambeka ebese ifikelwa ukudikibala. 

Eminye imikhuba akuve ku ukucindezela kodwa kwakuba yicebo lokulwa impi ngaphandle ko msindo no kwenza izinto ezinobuthi. 

Mkhulu Mbubuzi Hlela