Izembatho zedlozi. Incazelo

Uma umuntu ogqoka ibhayi elibomvu elinamahawu usuke engenwe amakhehla (unendiki).

Idlozi lakhe kusuke kungoyise mkhulu.Ibhayi elikuhlaza okwesibhakabhaka umuntu usuke engenwe yizakukazi (nendawo).

Uma emuntu egqoka okusabende usuke eyisangoma esikhulekayo noma esithandazayo.

Uma umuntu efaka eliphuzi nokuluhlaza okwesibhakabhaka (ongumthandazi) lona ukuphethe kokubiliIsangoma esinesithunywa sifaka ijazi noma ibhayi lengwe.

Uma efake ingubo eyimpangela nebhayi elibubende,usuke exubile esebenza ngo gogo no Mkhulu.

Leave a comment