IDlozi ne Sithunywa sika moya

Uma sikhuluma nge dlozi abantu abaningi banezi ncazelo zabo, kodwa mina ngikholelwa kuthi idlozi akuyona into yobuchwepheshe babantu bakithi abashona sebebuya ngokufuna izinto noma singathi imimoya yabafileyo abanga malunga omndeni, noma imimoya yabantu bakithi asebadlula emhlabeni ngoko mzimba. 

Kodwa Kungamandla angokomoya asetshenziswa njenge sithuthi noma I nqolobane yimimoya yokwelapha nokuphilisa abantu ngokwe ndabuko noma ngokwe mvelo ka Nkulunkulu.

Ikhona eminye immoya yokuphilisa ekwazi ukungena ikhungathe Umuntu, ngingabala isithunywa so mkhuleko, inzuza, umlozi, umndawe kanye nolunye uhlobo lwe immoya, lezi zinhlobo zemiMoya kungazwakala njengento eyinsumansumane uma ulandela ubukhona bazo kepha ukuqinisekisa ukuthi impela kuyinto ekhona futhi engasoze yaduka ukuthi siphose iso elibanzi emaphusheni ethu ngoba isikhathi esiningi ku lapho iqala khona yonke indaba.

Uma usake waphupha ukuthi usesemotweni, ebhasini, esikebheni?  Futhi kwakukhona abanye lapho kanye nawe.  La mandla angaphansi kwamandla aphansi avela ezintweni zamanzi nomhlaba. 

Wake wezwa ngegama elithi “abaphansi”? Le mimoya ivamise ukufika ihamba ngisomo so mzimba wenyoka, futhi uma seyivundulile inhloso yayo kuwe iye ikhuphukele ekhuphukeleu phezulu ukuyovula iso lesithathu oku yilona ozokwazi elizokwazi ukuthi likubonise kahle konke okumbulelwayo.  Lokhu empeleni kungamandla

imimoya ayikugulisi noma ube nama bhadi kodwa  Kungamandla akuwe ayisizathu wonke amashwa akho noma inhlanhla uma ikhona,   Kuyinto ekuwe.  Kungakho abathakathi behlose umzimba wakho, ngezinto ezifana nobuthi be-idliso / muthi (uzogwinya esiswini sakho) ukuvimba inhlanhla yakho. 

UKUSEBENZA KWE DLOZI NE SITHUNYWA NDAWONYE.

Isithunywa kanye nedlozi imiMoya emibili eyehlukene futhi esebenza ngendlela eyehlukile, isithunywa sisebenza nomthandazo namanzi; kuthi idlozi lisebenza ngokubhula ngamathambo kanye nomculo nomdanso wakhona /ukugida.

Ngakho ngokuba lemiMoya yehlukile, uma omunye estholile ukuthi uyembethe yomibili kumele enze umcimbi we lathi athi uhlanganisa idlozi lakhe kanye ne Sithunywa sakhe.

Mkhulu Mbubuzi Hlela

. . Selukhona uhlelo le mentorship lapho sizocathulisana endleleni kaMoya.

Umnikelo we mentorship R500 njalo nge nyanga.

Bookings : mkhulumbubuzi@gmail.com

Leave a comment